Eseshilo lokho wamuka, wabiza udadewabo uMariya ngasese, wathi: “UMfundisi ufikile, uyakubiza. Wathi ekuzwa lokho wasuka masinyane, weza kuye. Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. AmaJuda ayenaye endlini emduduza, ebona uMariya esukuma masinyane waphuma, amlandela, ethi: “Uya ethuneni ukuyokhala khona. Kwathi uMariya efika lapho uJesu ekhona, embona, wawa phansi ezinyaweni zakhe, wathi kuye: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga. Kwathi uJesu embona ekhala, nabaJuda ababeze naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; Wathi: “Nimbeke ngaphi na? Basebesithi kuye: Nkosi, woza ubone. UJesu wakhala izinyembezi. Ngakho amaJuda athi: Khangelani ukuthi wayemthanda kangakanani!
Funda Johane 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 11:28-36
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo