Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na? Wavuma, akaphika; kodwa wavuma wathi: Mina kangisiye uKristu. Basebembuza bathi: Pho? Ungu-Eliya na? Wathi: Kangisuye. Unguye lowomprofethi na? Yaphendula yathi: Hatshi. Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze siphendule abasithumileyo uthini ngawe? Wathi: “Mina ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ njengalokho washo u-Isaya umprofethi. Lababethunyiwe babevela kubaFarisi. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, noma lowomprofethi na? UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo; nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe. Lezo zinto zenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.
Funda Johane 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Johane 1:19-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo