Johane 1:10-14

Johane 1:10-14 CZB24

Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

Funda Johane 1