Johane 1:1-34

Johane 1:1-34 CZB24

Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu. Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe. Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu. Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga. Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya. Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni. Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe; Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu. ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso. UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile. Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na? Wavuma, akaphika; kodwa wavuma wathi: Mina kangisiye uKristu. Basebembuza bathi: Pho? Ungu-Eliya na? Wathi: Kangisuye. Unguye lowomprofethi na? Yaphendula yathi: Hatshi. Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze siphendule abasithumileyo uthini ngawe? Wathi: “Mina ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ njengalokho washo u-Isaya umprofethi. Lababethunyiwe babevela kubaFarisi. Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, noma lowomprofethi na? UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo; nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe. Lezo zinto zenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona. Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe. Nguye ebengisho ngaye ukuthi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami. Nami bengingamazi, kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi. UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele. Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.

Funda Johane 1

Verse Image for Johane 1:1-34

Johane 1:1-34 - Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.
Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe.
Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.
Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga.
Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane.
Yena wezela ubufakazi, ukuze afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.
Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengofakazi bokukhanya.
Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.
Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga.
Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;
Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.
Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.
Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.
Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?
Wavuma, akaphika; kodwa wavuma wathi: Mina kangisiye uKristu.
Basebembuza bathi: Pho? Ungu-Eliya na? Wathi: Kangisuye. Unguye lowomprofethi na? Yaphendula yathi: Hatshi.
Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze siphendule abasithumileyo uthini ngawe?
Wathi: “Mina ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ njengalokho washo u-Isaya umprofethi.
Lababethunyiwe babevela kubaFarisi.
Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, noma lowomprofethi na?
UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo;
nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe.
Lezo zinto zenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Nguye ebengisho ngaye ukuthi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Nami bengingamazi, kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.
UJohane wafakaza wathi: “Ngabona uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe.
Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.
Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.