UJeremiya 43:1-7

UJeremiya 43:1-7 CZB24

Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubo bonke abantu amazwi wonke kaJehova uNkulunkulu wabo uJehova uNkulunkulu wabo ayemthume ngawo kubo, wonke lawa mazwi. U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona. Kodwa uBharuki, indodana kaNeriya, wakhuluma ngawe ngokumelene nathi ukuba asinikele esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbe, asiyise eBhabhiloni. UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova ukuba bahlale ezweni lakwaJuda. Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bathatha yonke insali yakwaJuda eyayibuyile ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba ihlale ezweni lakwaJuda; amadoda, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi, noGedaliya, indodana ka-Ahikamu, indodana kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki, indodana kaNeriya, abashiya ngemuva. Bafika ezweni laseGibithe, ngokuba bengalilalelanga izwi likaJehova; basebefika eTagpanesi.