Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi, kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’ kepha uBaruki indodana kaNeriya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.” UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda. Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda, abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya, bafika ezweni laseGibithe, ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova; bafika eThahipanesi.
Funda UJeremiya 43
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UJeremiya 43:1-7
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo