UJeremiya 42:1-12

UJeremiya 42:1-12 CZB24

Zase zisondela zonke izinduna zamabutho, oJohanani indodana kaKhareya, loIshaniya indodana kaHoshaya, labo bonke abantu, kusukela komncinyane kusiya komkhulu; Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;) Ukuze uJehova uNkulunkulu wenu asibonise indlela esingahamba ngayo nalokho esingakwenza. Wayesethi umprofethi uJeremiya kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuJehova uNkulunkulu wenu njengamazwi enu; nakho konke uJehova akuphendulayo, ngiyakunitshela khona; Ngeke ngikugodle lutho. Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina. Noma lihle noma libi, siyakulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye; ukuze kube kuhle kithi, uma sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu. Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi izwi likaJehova lafika kuJeremiya. Wayesebiza uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu, kusukela komncane kuze kufike komkhulu; Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, eningithuma kuye ukuba ngilethe isicelo senu phambi kwakhe; Uma nisathanda ukuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha, nginganidilizi, nginitshale, nginganisiphula; ngoba ngiyazisola ngobubi engibenzile kini. Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; Ningamesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginikhulule, nginisindise esandleni sakhe. Futhi ngiyonibonisa umusa, ukuze abe nesihe kini futhi anivumele nibuyele ezweni lakini.