UJeremiya 18

18
Jeremiya 18
Umbumbi nemisebenzi Yakhe
1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:
2Sukuma, wehlele endlini yombumbi, ngizakutshela khona amazwi ami.
3Ngase ngehlela endlini yombumbi, bheka, wayesenza umsebenzi emasondweni.
4Isitsha abesenza ngobumba sonakala esandleni sombumbi; ngalokho wabuye wenza enye into njengokubonakala kukuhle emehlweni ombumbi ukulenza.
5Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
6O ndlu ka-Israyeli, anginakwenza kini njengalo mbumbi na? kusho uJehova. Bhekani, njengobumba esandleni sombumbi, ninjalo nani esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.
7Kungasiphi isikhathi engiyokhuluma ngaso ngesizwe nangombuso ukuba ngiwusiphule futhi ngiwubhidlize futhi ngiwubhubhise;
8Uma leso sizwe engikhulume ngaso siphenduka ebubini baso, ngiyakuzisola ngobubi ebengicabanga ukubenza kuso.
9Kungasiphi isikhathi ngiyokhuluma ngesizwe nangombuso ukuba ngiwakhe, ngiwutshale;
10Uma benza okubi emehlweni ami, bengalilaleli izwi lami, ngiyakuzisola ngokuhle ebengithe ngizakuba nomusa ngakho.
11Hamba manje, ukhulume kubantu bakwaJuda nakubakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova; Bhekani, ngiceba okubi ngani, ngiceba icebo ngani; phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.
12Bathi: “Akukho themba, kepha siyakuhamba ngokwamacebo ethu, kube yilowo nalowo enze amacebo enhliziyo yakhe embi.”
13Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Buzani phakathi kwabezizwe ukuthi nizwile okunje: intombi yakwa-Israyeli yenze into enengekayo kakhulu.
14Umuntu angalishiya yini iqhwa laseLebanoni elivela edwaleni lasendle? Amanzi abandayo agobhozayo aphuma kwenye indawo ayakushiywa na?
15Ngokuba abantu bami bangikhohliwe, bashunqise umusi kwaba yize, babakhubekisa ezindleleni zabo zasendulo, ukuba bahambe ngezindlela ezingalahlwanga;
16ukwenza izwe labo libe yihlane nomnyenyezo waphakade; wonke umuntu odlulayo uyoma ngokumangala anikine ikhanda.
17Ngiyakubahlakaza njengomoya wasempumalanga phambi kwesitha; ngiyakubukisa umhlane wabo, hhayi ubuso babo ngosuku lobubi babo.
18Base bethi: “Wozani sicebe amacebo ngoJeremiya; ngokuba umthetho awuyikubhubha kumpristi, neseluleko sohlakaniphileyo nezwi lomprofethi. Wozani simshaye ngolimi, singanaki amazwi akhe.
19Ngilalele, Jehova, ulalele izwi labaphikisana nami.
20Ingabe ububi buyobuyiselwa ngokuhle? ngoba bembele umphefumulo wami umgodi. Khumbula ukuthi ngema phambi kwakho ukubakhulumela kahle, ngisuse ulaka lwakho kubo.
21Ngakho nikela abantwana babo endlaleni, bachithe igazi labo ngobudlova benkemba; nabafazi babo mabaphangwe abantwana, babe abafelokazi; futhi amadoda abo mawabulawe; izinsizwa zabo mazibulawe ngenkemba empini.
22Makuzwakale ukukhala ezindlini zabo, lapho uletha iviyo phezu kwabo ngokuzuma; ngoba bemba umgodi wokungibamba, bafihlela inyawo zami imijibila.
23Kepha wena Jehova, uyawazi wonke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, ungasusi isono sabo ebusweni bakho, kodwa mabaphenduke phambi kwakho; yenza kanjalo kubo ngesikhathi solaka lwakho.

Okuqokiwe okwamanje:

UJeremiya 18: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume