EkaJokobe 1:21-25

EkaJokobe 1:21-25 CZB24

Ngakho-ke lahlani konke ukungcola nokuchichima kobubi, namukele ngobumnene izwi eligxunyekiweyo, elinamandla okusindisa imiphefumulo yenu. Kepha yibani ngabenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa. Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo engilazini; Ngokuba uyazibuka, asuke, akhohlwe masinyane ukuthi ubengumuntu onjani. Kepha obheka emthethweni opheleleyo wenkululeko, aqhubeke kuwo, engesiye ozwayo okhohlwayo, kodwa umenzi womsebenzi, lowo uyakuba-busisiwe ekwenzeni kwakhe.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo