Ngibelethe ngingazali na? usho uJehova, uthi: “Ngiyakwenza ukuba isisu sikanina sizale, ngisivale na? usho uNkulunkulu wakho. Thokozani kanye neJerusalema, nithokoze kanye nalo, nina nonke enilithandayo; jabulani kanye nalo, nonke abalilelayo. Ukuze nincele, nisuthe emabeleni enduduzo yalo; ukuze nisenge, nithokoze ngokuchichima kwenkazimulo yalo. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakulinika ukuthula njengomfula, nenkazimulo yabezizwe njengomfula ogobhozayo; khona-ke uyakuncela, uthwalwe emaceleni akhe, uphonseke emadolweni akhe. Njengoduduza unina, kanjalo ngiyakuniduduza; futhi niyoduduzwa eJerusalema. Lapho ubona, inhliziyo yakho iyojabula, namathambo akho ayoqhakaza njengesitshalo; futhi isandla sikaJehova sizokwaziwa ezincekwini zakhe nolaka lwakhe phezu kwezitha zakhe.
Funda U-Isaya 66
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 66:9-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo