Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Uziya ngabona iNkosi ihlezi esihlalweni sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo, umphetho wayo ugcwalisa ithempeli. Phezu kwalo kwakumi amaserafi, yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili yamboza ubuso bayo, nangamabili yamboza izinyawo zayo, nangamabili yandiza. Enye yabiza enye, yathi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova Sebawoti; umhlaba wonke ugcwele inkazimulo yakhe. Izinsika zomnyango zanyakaza ngezwi lalowo owayememeza, indlu yagcwala umusi. Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.
Funda U-Isaya 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 6:1-5
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo