U-Isaya 38:1-8

U-Isaya 38:1-8 CZB24

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya indodana ka-Amose weza kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikuphila. UHezekiya waphendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova: wathi: “Khumbula, Jehova, ukuthi ngihambe kanjani phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho. UHezekiya wakhala kamunyu. Izwi likaJehova lafika ku-Isaya, lathi: Hamba uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu. Futhi ngizokusindisa wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, futhi ngizowuvikela lo muzi. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kini esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakwenza lokhu akukhulumileyo; Bheka, ngibuyisa isithunzi sezinyuko eziwela ezinyathelweni zika-Ahazi zelanga; Kanjalo ilanga labuya amadigri ayishumi, lashona ngawo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo