U-Isaya 35:8-10

U-Isaya 35:8-10 CZB24

Kuyakuba khona umgwaqo omkhulu nendlela, futhi iyobizwa ngokuthi, indlela yobungcwele; ongcolileyo angadluli phezu kwayo; kepha kuyakuba ngabo: abahambayo, nakuba beyiziwula, abayikuduka ngakho. Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esiphangayo asiyikufika kuwo, asiyikufunyanwa khona; kepha abakhululweyo bayakuhamba khona; Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.