U-Isaya 35:8-10

U-Isaya 35:8-10 ZUL59

Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo. Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo. Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.