Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “Ngokuba nidelela leli zwi, nithembela ekucindezelweni nasebubini, nihlale kukho; Ngakho-ke lobu bubi kini buyakuba njengembobo esesizowa, ekhukhuleka odongeni oluphakemeyo, olufika ngokuzumayo ukubhodloka kwalo ngokuphazima kweso. Kumelwe ahlephule njengokuphuka kwento yombumbi iphihlizwa ibe yizicucu; akayikuhawukela, ukuze ekuqhumeni kwakhe kungafunyanwa sicucu sokukha umlilo eziko noma ukukha amanzi emthonjeni. Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, ithi: Ngokubuya nokuphumula niyakusindiswa; ekuthuleni nasekuthembeni kuyakuba amandla enu, kepha anivumanga.
Funda U-Isaya 30
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 30:12-15
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo