U-Isaya 12
12
U-Isaya 12
1Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.
2Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.
3Ngakho niyakukha amanzi ngokuthokoza emithonjeni yensindiso.
4Ngalolo suku niyakuthi: Dumisani uJehova, nibize igama lakhe, nimemezele izenzo zakhe phakathi kwezizwe, nisho ukuthi igama lakhe liphakeme.
5Hlabelelani inkazimulo kaJehova; ngoba wenzile izinto ezinhle kakhulu; kuyaziwa emhlabeni wonke.
6Memeza ujabule, wena owakhileyo eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli ophakathi kwakho.
Okuqokiwe okwamanje:
U-Isaya 12: CZB24
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Contemporary Zulu Bible
Copyright © 2024, by City Bible Foundation ®
Used by permission of City Bible Foundation ® All rights reserved worldwide.