KumaHeberu 7:1-4

KumaHeberu 7:1-4 CZB24

Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula; Engenayise, engenanina, engenanzalo, engenakuqala kwezinsuku, nakuphela kokuphila; kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu; uhlala engumphristi njalonjalo. Bhekani-ke ukuthi wayemkhulu kangakanani lowo, u-Abrahama ukhokho amnika okweshumi kwempango.