KumaHeberu 13:1-25

KumaHeberu 13:1-25 CZB24

Maluqhubeke uthando lobuzalwane. Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi. Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya. Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo. UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade. Ningahujwa yizimfundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo. Ngokuba kuhle ukuthi inhliziyo iqiniswe ngomusa; kungeyisikho ngokudla, abangazuzanga ngakho abahlezi kukho. Sine-altare abangenagunya lokudla kulo abakhonza etabernakele. Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yesono, zishiswa ngaphandle kwekamu. Ngakho-ke noJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango. Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwele ihlazo lakhe. Ngokuba lapha asinamuzi omiyo, kepha sifuna ozayo. Ngakho masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe. Kepha ningakhohlwa ukwenza okuhle nokuphana, ngokuba iminikelo enjalo uNkulunkulu uthokoziswa yiyo. Lalelani abaniholayo, nibathobele; Sikhulekeleni, ngokuba siyethemba ukuthi sinonembeza omuhle, sithanda ukuhamba kahle ezintweni zonke. Kodwa ngiyalincenga kakhulu ukuthi lenze lokhu, ukuze ngibuyiselwe kini masinyane. Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu. Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi. Yazini ukuthi umzalwane wethu uThimothewu ukhululiwe; okuthi uma efika masinyane, ngizakunibona naye. Khonzani kubo bonke abaniholayo nakubo bonke abangcwele. Abase-Italy bayakhonza kini. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Ibhalelwe amaHeberu evela e-Italy, nguThimothewu.)

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 13:1-25