KumaHeberu 11:1-16

KumaHeberu 11:1-16 CZB24

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo. Ngoba abadala bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile; Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo. Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa. Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona. Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso; Ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu. Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa, esedlulelwe yisikhathi, wabeletha, ngokuba wathi ukholekile owethembisileyo. Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa. Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. Ngokuba abasho izinto ezinjalo babonakalisa ukuthi bafuna izwe. Futhi ngempela, uma babekhumbula izwe ababephuma kulo, babeyoba nethuba lokubuyela emuva. Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo