UGenesise 6:1-6

UGenesise 6:1-6 CZB24

Kwathi lapho abantu beqala ukwanda emhlabeni, bezalelwa amadodakazi, Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo. INkosi yathi: UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, ngoba futhi uyinyama; kepha izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili. Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama. UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. INkosi yazisola ukuthi yenze umuntu emhlabeni, futhi yadabuka enhliziyweni yakhe.