UGenesise 37:5-7

UGenesise 37:5-7 CZB24

UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Zwanini leliphupho engiliphuphileyo.” Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami.