UNkulunkulu wababusisa, wathi kubo: Zalani, nande, nihlale emhlabeni, niwulime. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini. Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, okukhona kuzo ukuphila, ngazinika zonke izitshalo eziluhlaza zibe ngukudla. Kwenzeka kanje.
Funda UGenesise 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UGenesise 1:28-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo