Bazalwane, uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene; uzinaka wena, funa ulingwe nawe. Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu. Ngokuba uma umuntu ezishaya utho, engelutho, uyazikhohlisa. Kodwa yilowo lalowo kahlole owakhe umsebenzi, yikhona ezakuba lokuzibonga yena yedwa, hatshi ngomunye. Ngokuba yilowo nalowo uyakuthwala owakhe umthwalo. Ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo ofundisayo ezintweni zonke ezinhle. Ningakhohliswa; UNkulunkulu akahlekwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu uyakuvuna kona futhi. Ngokuba ohlwanyelela enyameni yakhe uyakuvuna ukonakala enyameni; kodwa ohlwanyelela kuMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya. Masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa. Niyabona ukuthi uhlamvu olungakanani enginilobele ngalo ngesami isandla. Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.
Funda KwabaseGalathiya 6
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseGalathiya 6:1-12
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo