KwabaseGalathiya 2:19-21

KwabaseGalathiya 2:19-21 CZB24

Ngokuba ngomthetho mina ngafa kuwo umthetho, ukuze ngiphile kuNkulunkulu. Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami. Angiwujabhi umusa kaNkulunkulu; ngokuba uma ukulunga kuvela ngomthetho, khona uKristu wafela ize.