Zase zifika izinceku zabantwana bakwa-Israyeli, zambiza uFaro, zathi: “Uziphatheleni kanje izinceku zakho na? Izinceku zakho azinikwanga tshani, kepha bathi kithi: ‘Yenzani izitina, nibone, izinceku zakho ziyashaywa; kodwa icala likubantu bakho. Kepha wathi: “Niyavilapha, niyavilapha; ngalokho nithi: ‘Masihambe sihlabele uJehova.’ Hambani manje nisebenze; ngokuba aniyikunikwa tshani, nokho niyakusho inani lezitini. Izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli zabona ukuthi basekubi, lapho kwathiwa: “Aniyikunciphisa lutho ezitini zenu emsebenzini wenu wezinsuku zonke.” Bahlangana noMose no-Aroni bemi endleleni ekuphumeni kwabo kuFaro. Basebesithi kubo: INkosi izalibona, ilihlulele; ngokuba nenze iphunga lethu laba yisinengiso emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe, ukubeka inkemba esandleni sabo ukuba basibulale. UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, ubancenge kabi laba bantu na? ungithumeleni? Ngokuba selokhu ngafika kuFaro ukukhuluma egameni lakho, ubaphathe kabi laba bantu; futhi awubasindisanga nhlobo abantu bakho.
Funda UEksodusi 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UEksodusi 5:15-23
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo