UEksodusi 30:34-38

UEksodusi 30:34-38 CZB24

UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele amakha amnandi, isitakidi, neonikha, negalbhanu; lezi ziqholo nenhlaka ecwengekileyo, isisindo ngasinye sibe sinye. Wowenza ube yimpepho, ibe yinhlebo njengomsebenzi womkhandi weziqholo, eqinile, ehlanzekile, engcwele. Kumelwe uyicolise kakhulu, uyibeke phambi kobuFakazi etendeni lokuhlangana, lapho engiyakuhlangana khona nawe; kufanele kube ngcwele kini. Lamakha eniwenzayo, ningazenzeli njengokwakheka kwawo; kuyakuba ngcwele kini kuJehova. Noma ubani owenza into enjalo ukuba ayihogele kumelwe anqunywe kubantu bakubo.