UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; emva kwalokho uyakunenza nisuke lapha; uma eniyeka, uyakunixosha khona ngokuphelele. Khuluma ezindlebeni zabantu ukuthi, ngulowo lalowo kumakhelwane wakhe, lalowo lalowo owesifazana kumakhelwane wakhe uboleke izinto zesiliva legolide. INkosi yasibanika abantu umusa emehlweni amaGibhithe. Lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu. UMozisi wasesithi: Itsho njalo iNkosi: Phakathi kobusuku ngizaphuma ngiye phakathi kweGibhithe. Futhi wonke amazibulo ezweni laseGibhithe ayofa, kusukela ezibulo likaFaro ohlezi esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube izibulo lencekukazi engasemuva lokuchola; nawo onke amazibulo ezilwane. Kuyakuba khona isililo esikhulu ezweni lonke laseGibithe, esingakaze sibe khona, nesingayikuba khona. Kodwa akuyikubakho inja eyakunyakazisa ulimi lwayo komunye wabantwana bakwa-Israyeli, kumuntu noma esilwaneni, ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa phakathi kweGibhithe no-Israyeli. Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla, zifike kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo, mina-ke ngiyakusuka. Wasuka kuFaro ngolaka olukhulu. UJehova wathi kuMose: “UFaro akayikunilalela; ukuze izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe. OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zibonakaliso phambi kukaFaro, uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba basuke ezweni lakhe.
Funda UEksodusi 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UEksodusi 11:1-10
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo