Kwabase-Efesu 4:26-31

Kwabase-Efesu 4:26-31 CZB24

Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Futhi ningamniki uSathane indawo. Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo. Makungaphumi nkulumo eyonakele emlonyeni wenu, kodwa kube kuhle kube kuhle kube nokwakhayo, ukuze kube umusa kwabezwayo. Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. Makususwe kini konke ukufutheka, nolaka, nentukuthelo, nomsindo, nokuhlambalaza, kanye nakho konke okubi.