UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu. Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni; esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe; kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo.
Funda Kwabase-Efesu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 1:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo