UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu. Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni; esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe; kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo. Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe; okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda; esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye; ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye: kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe; ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu. Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu; okuyisibambiso sefa lethu, kuze kuhlengwe lokho okwathengwayo, kube ludumo lwenkazimulo yakhe. Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu, nothando kubo bonke abangcwele
Funda Kwabase-Efesu 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 1:1-15
21 Days
Ephesians is rich with truths about God and his saving work in us. This plan is designed to help you dig deeper into this text, while learning more about God and yourself. The daily six step rhythm will help you to establish a habit of reading and engaging with God’s Word. This plan is brought to you by the Christian Standard Bible (CSB). Learn more at CSBible.com.
30 Days
Have you ever wondered, “Is it possible to experience joy in all seasons of life?” Carol McLeod believes that God has an enormous joy for you that is within your reach. In this devotional, you will discover how to trust God when life isn’t fair, how to ponder Scripture that transforms your thinking and how to turn disappointment into a heart that rejoices in the middle of uncertainty.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo