Umshumayeli 9:13-18

Umshumayeli 9:13-18 CZB24

Ngabona lokhu kuhlakanipha phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi; Kwakukhona umuzi omncane, unabantu abambalwa kuwo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha igoqo elikhulu ngakulo. Kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo, yawusindisa umuzi ngokuhlakanipha kwayo; nokho akakho owamkhumbula lowo muntu ompofu. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; nokho ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali. Amazwi abahlakaniphileyo azwakala ekuthuleni, kunokukhala kobusa phakathi kweziwula. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.