Umshumayeli 11:5-6

Umshumayeli 11:5-6 CZB24

Njengoba nje ungayazi indlela yomoya nokuthi akhula kanjani amathambo esibelethweni sokhulelweyo, kanjalo awuyazi imisebenzi kaNkulunkulu owenza zonke izinto. Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.