Umshumayeli 1:2-8

Umshumayeli 1:2-8 CZB24

“Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona. Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo