Umshumayeli 1:1-11

Umshumayeli 1:1-11 CZB24

Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona. Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona. Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa. Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini okungashiwo ngakho ukuthi: Bheka, kukusha na? bekuphambi kwethu kusukela kudala. Akukho ukukhunjulwa kwezinto zakuqala; futhi akuyikubakho ukukhunjulwa kwezinto ezizayo kanye nabazayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo