Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu. UNebukadinesari wasondela emnyango wesithando somlilo ovuthayo, wakhuluma wathi: “Shadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha. Khona-ke uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphuma emlilweni. Izikhulu, nababusi, nezinduna, nabeluleki benkosi ababebuthene bawabona lawa madoda, umlilo wawungenamandla emizimbeni yawo, nonwele lwamakhanda awo aluzange lushunqe, nezingubo zawo aziguqukanga, futhi iphunga lomlilo lidlule phezu kwabo.
Funda UDaniyeli 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDaniyeli 3:25-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo