UDaniyeli 2:20-22

UDaniyeli 2:20-22 CZB24

UDaniyeli waphendula wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kuze kube phakade naphakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe. Uyaguqula izikhathi nezikhathi; ususa amakhosi, abeke amakhosi; Unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha nolwazi kwabakwaziyo ukuqonda. Wembula okujulileyo nokufihliweyo: uyakwazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlala kuye.