KwabaseKolose 3:1-11

KwabaseKolose 3:1-11 CZB24

Ngakho-ke uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ehlezi khona uKristu ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Nakani okwaphezulu, ningacabangi okusemhlabeni. Ngokuba nafa, nokuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu. Nxa uKristu ongukuphila kwethu esebonakala, khona nani nizakubonakala kanye naye enkazimulweni. Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe; Ngenxa yalezozinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli; enanike nahamba kuzo nani, nisahlezi kukho. Kepha manje nani lahlani zonke lezi; ulaka, nolaka, nenzondo, nokuhlambalaza, nokukhuluma amanyala emlonyeni wenu. Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe; sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo; lapho kungekho khona umGreki nomJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe, umSkithe, isigqila noma okhululekile, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 3:1-11