KwabaseKolose 2:1-4

KwabaseKolose 2:1-4 CZB24

Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni; ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke, behlanganiswe othandweni, nakuyo yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda, ekwazini imfihlakalo kaNkulunkulu, nekaYise, nekaKristu; okufihlwe kuye yonke ingcebo yokuhlakanipha nolwazi. Ngikusho lokhu, ukuze kungabikho muntu onikhohlisayo ngamazwi ahungayo.