IzEnzo 7:51-60

IzEnzo 7:51-60 CZB24

Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga. Kwathi bekuzwa lokho bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo. Kodwa yena egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, loJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Basebememeza ngelizwi elikhulu, bavala izindlebe zabo, bagijimela kuye nganhliziyonye. Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule. Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami. Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

Funda IzEnzo 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo