IzEnzo 7:44-53

IzEnzo 7:44-53 CZB24

Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile. Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida; owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele. Kodwa uSolomoni wamakhela indlu. Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi. Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asizenzanga zonke lezi zinto na? Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga.

Funda IzEnzo 7