IzEnzo 7:1-60

IzEnzo 7:1-60 CZB24

Wayesethi umpristi omkhulu: “Zinjalo lezi zinto na? Wasesithi: Madoda, bazalwane, labobaba, lalelani; UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba wethu u-Abrahama eseMesophothamiya, engakakhi eHarana; Wathi kuye: “Phuma ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. Wayesephuma ezweni lamaKaledi, wahlala eHarana; kwathi esefile uyise wamyisa kuleli zwe enihlala kulo manje. Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana. UNkulunkulu wakhuluma kanje, wathi: “Inzalo yakhe iyakuba ngabafokazi ezweni lezizwe; nokuthi babenze izigqila, babaphathe kabi iminyaka engamakhulu amane. Nesizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo. Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili. Okhokho baba lomhawu ngoJosefa, bathengisa ngoJosefa eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayelaye. Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke. Kwase kufika indlala ezweni lonke laseGibithe nelaseKhanani, nokuhlupheka okukhulu; obaba kabafumananga ukudla. Kepha uJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, wathuma obaba okokuqala. Kwasekusithi ngokwesibili uJosefa wabonakala kubafowabo; isihlobo sikaJosefa sesaziwa kuFaro. UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu. UJakobe wehlela eGibithe, wafa, yena nawobaba bethu; Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi. Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asifunga kuAbrahama, banda abantu, banda eGibhithe. Kwaze kwavela enye inkosi eyayingamazi uJosefa. Yona yaphatha izihlobo zethu ngobuqili, yabaphatha kubi obaba, baze baxotsha abantwana babo, ukuze bangaphili. Ngaleso sikhathi kwazalwa uMose, wayemuhle kakhulu, wondliwa izinyanga ezintathu endlini kayise. Eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthatha, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo. UMose wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwabaseGibithe, waba namandla ngamazwi nangezenzo. Kwathi eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuhambela abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. Ebona omunye ephathwa kabi, wamvikela, wamphindisela ocindezelweyo, wamshaya owaseGibithe; Ngokuba wayethi abazalwane bakhe bazoqonda ukuthi uNkulunkulu wayezobakhulula ngesandla sakhe, kepha abaqondanga. Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na? Kepha lowo owayemonile umakhelwane wakhe wamsunduza, wathi: ‘Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na? Usufuna ukungibulala mina, njengalokho ubulele owaseGibithe izolo na? Ngalelo zwi uMose wabaleka, waba ngowezizwe ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili. Kwathi isiphelile iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi yeNkosi elangabini lomlilo esihlahleni. UMose ekubona wamangala ngalowo mbono; esithi: Mina nginguNkulunkulu waboyihlo, uNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe. Wayesethuthumela uMose, akaba nasibindi sokubheka. INkosi yasisithi kuye: Khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho, ngoba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele. Ngikubonile, ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngizwile ukububula kwabo, futhi ngehlile ukuba ngibakhulule. Manje woza, ngizokuthuma eGibhithe. UMose lo abamalayo, bethi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli na? yena uNkulunkulu wamthuma ukuba abe ngumbusi nomkhululi ngesandla sengelosi eyabonakala kuye esihlahleni. Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. Nguye lo uMozisi owathi kubantwana bakoIsrayeli: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; yena lizamuzwa. Lona nguye owayesebandleni ehlane kanye nengelosi eyakhuluma kuye entabeni yaseSinayi kanye nawobaba, owamukela amazwi aphilayo ukuze asinike wona; obaba bethu abavumanga ukumlalela, kodwa bamxotsha kibo, babuyela eGibhithe ngezinhliziyo zabo. Besithi kuAroni: Senzele onkulunkulu abazahamba phambi kwethu, ngoba uMozisi lo owasikhupha elizweni leGibhithe, kasazi ukuthi wehlelwe yini. Benza ithole ngalezo zinsuku, banikela ngomhlatshelo esithombeni, bathokoza ngemisebenzi yezandla zabo. UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala? Nathwala itabernakele likaMoloki, nenkanyezi kankulunkulu wenu uRefani, imifanekiso enayenza ukuba nikhuleke kuyo; Okhokho bethu babelethabhanekele lobufakazi enkangala njengokulaya kwakhe ekhuluma loMozisi ukuthi alenze njengomfanekiso ayewubonile. Okhokho bethu abayilandela bayingenisa kanye loJesu empahleni yabezizwe, uNkulunkulu abaxotshayo phambi kobuso babokhokho bethu, kwaze kwaba semihleni kaDavida; owathola umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukutholela uNkulunkulu kaJakobe itabernakele. Kodwa uSolomoni wamakhela indlu. Kepha oPhezukonke akahlali ethempelini elenziwe ngezandla; njengokusho komprofethi. Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, lomhlaba uyisenabelo senyawo zami; isho iNkosi; noma iyini indawo yami yokuphumula na? Isandla sami asizenzanga zonke lezi zinto na? Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje; enamukela umthetho ngesandla sezingelosi, kepha aniwugcinanga. Kwathi bekuzwa lokho bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo. Kodwa yena egcwele uMoya oNgcwele, wagqolozela ezulwini, wabona inkazimulo kaNkulunkulu, loJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu; Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu. Basebememeza ngelizwi elikhulu, bavala izindlebe zabo, bagijimela kuye nganhliziyonye. Bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe; ofakazi babeka izingubo zabo ezinyaweni zensizwa egama layo linguSawule. Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami. Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

Funda IzEnzo 7

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo