IzEnzo 6:1-7

IzEnzo 6:1-7 CZB24

Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke. Abayishumi nambili base bebizela kubo uquqaba lwabafundi, bathi: “Akukuhle ukuba thina sishiye izwi likaNkulunkulu, sikhonze ematafuleni. Ngakho-ke, bazalwane, zifuneleni phakathi kwenu amadoda ayisikhombisa anodumo oluhle, agcwele uMoya oNgcwele nokuhlakanipha, esingawabeka phezu kwalo msebenzi. Kepha thina siyakukhuthalela ukukhuleka, nasenkonzweni yezwi. Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki; ababeka phambi kwabaphostoli; sebekhulekile babeka izandla phezu kwabo. Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.

Funda IzEnzo 6

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzEnzo 6:1-7