Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu. Kodwa lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bakhe bonke ukuthi uKristu wayezakuhlupheka, ukugcwalisile ngokunjalo. Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi; Iyakuthuma uJesu Kristu owashunyayelwa kini ngaphambili; omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade. Ngoba uMozisi wathi kokhokho: INkosi uNkulunkulu wenu izalivusela umprofethi kubazalwane benu onjengami; lizamuzwa kukho konke azakutsho kini. Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu. Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, babikezela ngalezi zinsuku. Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’ UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.
Funda IzEnzo 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IzEnzo 3:17-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo