IzEnzo 22:1-5

IzEnzo 22:1-5 CZB24

Madoda, bazalwane, nawobaba, yizwani ukuziphendulela kwami kini manje. (Sebezwile ukuthi ukhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula kakhulu; wathi:) Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla. Ngayizingela leNdlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha, ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane. Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Funda IzEnzo 22