IZenzo 22:1-5

IZenzo 22:1-5 ZUL20

“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.” Sebezwa ukuthi ukhuluma nabo ngolimi lwesiHebheru, bathula bathi du. Wayesethi: “Mina ngiyindoda engumJuda ezalwa eTharsu eKhilikhiya, kodwa ngakhulela kuwo lo muzi, ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngafundiswa ngesineke ngomthetho wobaba, ngishisekela uNkulunkulu njengalokhu nani ninjalo namuhla. Ngayizingela le Ndlela kwaze kwaba sekufeni, abesilisa nabesifazane ngibabopha, ngibakhaphela emajele, njengoba nomphristi omkhulu ufakaza ngami, namalunga wonke. Yibona engemukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngangiya eDamaseku ukuba abakhona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

Funda IZenzo 22