IzEnzo 20:1-38

IzEnzo 20:1-38 CZB24

Kwathi sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wabizela kuye abafundi, wabagona, wamuka ukuya eMakedoniya. Wasedabula lezo zindawo, ebakhuthaza kakhulu, wafika eGrisi. Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kwathi sebemlalele amaJuda esezasuka aye eSiriya ngomkhumbi, wazimisela ukubuya adabule eMakedoniya. Wamphelekezela kwaze kwaba se-Asiya uSopatro waseBereya; nabaseThesalonika, u-Aristarku noSekhundu; noGayu waseDerbe, noThimothewu; nabase-Asiya, oThikhiku noTrofimu. Laba basandulela, basilinda eTrowa. Sasuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zesinkwa esingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu; sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu lapho babebuthene khona. Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, yehlelwa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside, yazumeka, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. UPawulu wehla, waziphonsa phezu kwayo, wayigona, wathi: “Ningazihluphi; ngokuba ukuphila kwakhe ukuye. Esebuyile futhi, wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma isikhathi eside kwaze kwasa, wamuka. Bayiletha insizwa iphila, baduduzeka kakhulu. Sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho besizakumkhwelisa khona uPawulu, ngokuba wayemise kanjalo, yena ethanda ukuhamba ngezinyawo. Esehlangene nathi e-Asu, samngenisa, safika eMithilene. Sasuka lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika malungana neKiyo; ngangomuso safika eSamo, sahlala eTrogilo; ngangomuso safika eMilethu. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi, ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla. Sebefikile kuye, wathi kubo: Niyazi, kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo eAsiya, ukuthi nganginjani kini ngezikhathi zonke; ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka kwengqondo, langezinyembezi ezinengi, lezilingo, engangehlelayo ngokuqamekela abaJuda; lokuthi kangigodlanga lutho olungalisizanga, kodwa ngalitshela, ngalifundisa obala lendlu ngendlu; ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu. Manje bhekani, mina ngiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuyakungehlela khona; ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyafakaza emizini ngemizi, ethi izibopho nezinhlupheko zingilindile. Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu. Manje bhekani, ngiyazi ukuthi nina nonke engahamba phakathi kwenu ngishumayela umbuso kaNkulunkulu anisayikubona ubuso bami. Ngakho ngiyafakaza kini namuhla ukuthi anginacala egazini labo bonke abantu. Ngoba angigodlanga ukulitshumayela lonke icebo likaNkulunkulu. Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwelusa ibandla likaNkulunkulu azithengele lona ngegazi lakhe. Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi. Nakini ngokwenu kuyakuvela amadoda, ekhuluma izinto ezonakele, ukuze ahuge abafundi emva kwabo. Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi. Manje, bazalwane, ngiyaninikela kuNkulunkulu nasezwini lomusa wakhe, onamandla okulakha, nokuninika ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiwe. Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu; Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami. Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ Eseshilo lokho waguqa phansi nabo bonke, wakhuleka. Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga; Badabukile kakhulu ngamazwi awashoyo ukuthi abasayikubona ubuso bakhe. Basebemphelekezela baze bafika emkhunjini.

Funda IzEnzo 20

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo