2 kuThimothewu 4:1-22

2 kuThimothewu 4:1-22 CZB24

Ngakho ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu neNkosi uJesu Kristu ozakwahlulela abaphilayo nabafileyo ngokubonakala kwakhe nombuso wakhe; Shumayela izwi; phuthuma ngenkathi, ingekho inkathi; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. Ngokuba siyeza isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilileyo; kodwa ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi, beluma izindlebe; njalo bazafulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphendukele ezinganekwaneni. Kodwa wena qaphela ezintweni zonke, ubekezele ezinhluphekweni, wenze umsebenzi womvangeli, ugcwalise inkonzo yakho. Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile. Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga lami, ngigcinile ukukholwa; Kusukela khathesi ngibekelwe umqhele wokulunga, ezanginika wona ngalolosuku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyisimi ngedwa, kodwa lakubo bonke abathanda ukubonakala kwayo. Yenza ngenkuthalo ukuthi uze kimi masinyane. Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya. NguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba uyasiza kimi enkonzweni. UThikhiku ngimthumele e-Efesu. Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu, ekufikeni kwakho, ulethe kanye nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba. U-Aleksandru, umkhandi wethusi wangenza okubi okuningi; uJehova makamnike ngokwemisebenzi yakhe; Mqaphele nawe; ngoba umelane kakhulu lamazwi ethu. Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya; Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama. INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingilondolozele embusweni wayo wasezulwini: makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Khonzani koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu. U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula. Khuthalela ukufika ngaphambi kobusika. Uyakhonza kuwe u-Eubhulo, noPude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane. INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)