Kepha siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba nihlukane nabo bonke umzalwane ohamba ngokungafanele, kungengokwesiko elawamukela kithi. Ngokuba niyazi ngokwenu ukuthi kufanele nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu; Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini. Kungeyisikho ukuthi silamandla, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini, ukuze lisilandele. Ngokuba nalapho sikini, saniyala ngalokhu ukuthi: Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli. Ngokuba siyezwa ukuthi bakhona phakathi kwenu abahamba ngokungafanele, bengasebenzi nhlobo, kodwa begaya izibozi. Abanjalo siyabayala, sibayala ngeNkosi yethu uJesu Kristu, ukuba basebenze ngokuthula, badle okwabo isinkwa.
Funda 2 kwabaseThesalonika 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseThesalonika 3:6-12
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
12 Days
Dr. Tim Elmore joins with Life.Church to share 12 Huge Mistakes Parents Can Avoid. We all want the best for our kids, but sometimes our own good intentions misdirect their paths. Let’s correct course and lead our children to become thriving adults and fully devoted followers of Christ. For more content, check out finds.life.church
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo