Kepha bazalwane, siyaniyala egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ukuba nibagweme abazalwane abangamavila, abangawulandeli umyalo enawemukela kithi. Ngokuba nina luqobo niyazi ukuthi kubaluleke kanjani ukuba nisilingise, ngokuba asizange sibe ngabavilaphayo lapho sinani. Asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sazikhandla, sisebenza kanzima ubusuku nemini, ukuba singabi mthwalo kumuntu, hhayi ngoba sasingenalo ilungelo lalokho, kodwa ukuze sibe yisibonelo kini sokuba nani nisilingise. Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.” Ngokuba siyezwa ukuthi abanye benu bangamavila, behla benyuka bengenzi nolunci, kodwa bezigaxa ezindabeni zabanye. Kulabo abanjalo, siyabayala, futhi siyabakhuthaza eNkosini uJesu Khristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa.
Funda 2 KwabaseThesalonikha 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 KwabaseThesalonikha 3:6-12
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine lusibonisa uhambo olungenamkhawulo ezincwadini ezimbili zikaPawulu eziya kwabaseThesalonika. UPawulu usiyala ngokuphila okungcwele, esinikeza ithemba lokuthi uJesu uzobuya, usikhuthaza ukuba sibekezele naphezu kwezilingo, futhi usiqinisekisa ngobulungiswa nokunqoba kukaNkulunkulu.
12 Days
Dr. Tim Elmore joins with Life.Church to share 12 Huge Mistakes Parents Can Avoid. We all want the best for our kids, but sometimes our own good intentions misdirect their paths. Let’s correct course and lead our children to become thriving adults and fully devoted followers of Christ. For more content, check out finds.life.church
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo