Kwakukhona amadoda amane anochoko ngasemnyango wesango, athi omunye komunye: “Sihlaleleni lapha size sife na?
Uma sithi: ‘Siyakungena emzini, kuyakuba khona indlala emzini, sifele khona; uma sihlala lapha, siyakufa nathi. Wozani manje, siwele phambi kwempi yama-Aramu; uma besigcina siphila, siyakuphila; uma besibulala, siyakufa.
Basuka kuhwelela ukuya ekamu lama-Aramu; sebefike ekupheleni kwekamu lama-Aramu, kwakungekho muntu lapho.
Ngokuba uJehova wenza ukuba impi yama-Aramu izwe umsindo wezinqola nomsindo wamahhashi, yebo, umsindo wempi enkulu; bathi omunye komunye: “Bhekani, inkosi yakwa-Israyeli isiqashile amakhosi. AmaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asehlele.
Base besukuma, babaleka kuhwelela, bashiya amatende abo, namahhashi abo, nezimbongolo zabo, ikamu linjengoba linjalo, babaleka ukuze basindise ukuphila kwabo.
Laba abanochoko sebefike ekugcineni kwekamu, bangena kwelinye itende, badla, baphuza, bathatha khona isiliva negolide nezingubo, bakuthukusa; wabuya, wangena kwelinye itende, wathatha nakhona, waya wakucashisa.
Base bethi omunye komunye: “Akusihambi kahle; lolu suku lungusuku lwezindaba ezinhle, kepha sithule; uma silibala kuze kuse, ububi buyasehlela; woza manje, ukuze sihambe sitshele abendlu yenkosi.